What are the benefits of debt counselling? (IsiZulu)

Thanks! Share it with your friends!

Close

Yini umsebenzi weDebt Counsellor?

Umsebenzi weDebt Counsellor ukuthi ikusize uhlele izikweletu zakho.

IDebt Counsellor ibheka imali oyiholayi kanye nezidingo zakho bese iyabala ukuthi wena usala namalini yezikweletu emuva kokukhipha imali yezidingo zakho.

Uma kukuthi imali osala nayo emuva kokubhekana nezidingo zakho ayanele ukuthi ikhokhele izilweletu zakho, iDebt Counsellor ixoxisana nazo lezinkampani ozikweletayo ukuthi wehliselwe inzalo kanye nemali oyikhokha ngyanga zonke ukuze kuqinisekiswe ukuthi wena unemali eyanele yezidingo zakho kanti futhi nezikweletu zakho zakhokhiwe nyanga zonke.

Okunye futhi okwenziwa iDebt Counsellor ukuthi zonke izinto zomthetho zibheka iDebt Counsellor yakho ngoba nguye umuntu ogunyaziwe ukuthi akusize ngezikweletu zakho futhi yiDebt Counsellor ekumele iqinisekise ukuthi zonke lezinkampani ozikweletayo ziyayithola imali yazo nyanga zonke njengesivumelwano esisha.

Khululeka, ungatatazeli, sikhona sizokusiza

Comments

Write a comment

*